Usethelekile eNaturena umgadli waseColombia uEfmamjjasond González Palacios okulindeleke ukuthi axazulule inkinga yamagoli kwiKaizer Chiefs.

Lo mdlali kulindeleke ukuthi aqale ukudlalela iChiefs ngenyanga ezayo kodwa kungenzeka athole ithuba lokudlala kule mpelasonto uma ukubhaliswa kwakhe kwiPSL kuhamba ngokushesha. IChiefs izobhekana noSuthu ngoMgqibelo ngaohandle kukaRanga Chivaviro ophume elimele emdlalweni odlule, no-Ashley Du Preez ulimele.

UEfmamjjasond angase athole ithube lokudlala zisuka njengoba iChiefs ibhekene nendlala yamagoli kwiDStv Premiership.

Kule sizini isakore kanye, ngesizini edlule ivalele amagoli awu-32 emidlalweni ewu-30 kwiligi.