Umqeqeshi weRichards Bay FC, uKaitano Tembo, usephumele obala wathi benza konke okusemandleni ukuqeda ishobolo lokungayinqobi imidlalo kwiNatal Rich Boys osekudlule izinyanga eziwu-8 ingayazi iwin.
IBay isihluleke ukunqoba emidlalweni ewu-18 edlule.
Ekhuluma ngaphambi komdlalo wabo neSundowns uTembo uncome abadlali basahlalelwe wumsebenzi kodwa useqalile ukubona umehluko.
“Uma uzohlala isikhathi eside unganqobi, isimo somqondo siyathikamezeka. Kodwa ke wumsebenzi wethu ukukhipha iqembu endaweni elikulo, sigqugquzele abadlali, sikhulise ukuzethemba kubo. Umdlalo wangoMgqibelo ukhombise izimpawu ezinhle.
“Uyabona kuyakhula ukuzethemba kubadlali futhi kwangijabulisa ukudlalaosa uNkululeko Miya, obegijima kwi-ABC Motsepe Leagu kuMsinga.
“Sonke kumele sikhombise ukuzethemba manje. NoThabani Mthembu wacishe wakora….angikungabazi ukuthi sizophuma kulesi simo.”
INatal Rich Boyz izobhekana neSundowns namhlanje ngo-5 ntambama eKing Zwelithini Stadium.