Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, usephumele obala ngesifiso sokusayinisa okungenani umdlali oyedwa ngaphambi kokuthi livale iwindi lokuthenga abadlali.

UMokwena uveze lokhu ngemuva komdlalo wezakhe neRichards Bay FC abawunqobe ngo 1-0 ngegoli elihle elivalelwe wuJunior Mendieta.

ISundowns iqophe umlando inqoba imidlalo emihlanu kulandelana ekuqaleni kweligi, kodwa lokho akumenelisanga uRhulani othe usabheke umdlali oyedwa kwimakethe.

“Sizozama ukusayinisa umdlali oyedwa…” kusho uRhulani ekhuluma neSuperSport TV.

Ngaphambi kokuqala kwesizin ka-2023/2024 iSundowns isayinise uThapelo Maseko (SuperSport United), Junior Mendieta (Stellenbosch), Lesiba Nku (Marumo Gallants), Lucas Ribeiro Costa (SK Beveren), noBathusi Aubaas (TS Galaxy).

Njengoba kusanda kuhamba uThabiso Kutumela, kungenzeka ukuthi iSundowns ibheke ukuvala isikhala sakhe ngomunye umgadli.

____________________________________________________________

Promotion:

Zibeke ethubeni lokuwina ijezi lebhola leqembu olithandayo!

Odinga ukukwenza nje ukubheja ngoR20 kuya phezulu kwimidlalo yebhola e-Playa Bets, bese ungena kwi-draw 😉

Two winners will be drawn on 28 August 2023.

Ts & Cs Apply

Nor yet registered? Register and receive:

💰R50 Free Sports Bet

🎰+50 Spins on any pragmatic slots

👉& 100% First deposit match up to R2000

Dlala manje ngokulandela le-link: https://playabets.click/o/aJAwHa

Uma ungenayo i-account, bhalisa manje: https://playabets.click/o/aJAwHa?lpage=hKi7Ar