PHUMELELE NXUMALO
UMBHAKI wamakhekhe ozakhela igama uNonjabulo Nzuza uthi ufuna ukwaziwa umhlaba wonke njengowesifazane onsundu wokuqala ukusungula uflour wokubhaka amakhekhe ekulula ukuwusebenzisa.
UNonjabulo (34) odabuka eMgungundlovu endaweni yaseRichmond ungumsunguli we-Easy Bakes okunguflour wokubhaka osulungele ukusetshenziswa. Uthe usungule lo flour ngesikhathi kuvalwe izwe thaqa ukuze kuliwe nokubhebhetheka kwesifo uKhuvethe ngenhloso yokwenza ukubhaka kube lula.
“Uthaqa ungenze ngaba nesikhathi sokucabanga kahle ngicubungule izinto ezinhle engingazenza ngesikhathi ngisahlezi ekhaya. Bengifuna into ekuzoba lula ukuyisebenzisa futhi engeke idinge izinsiza eziphambili,” kusho uNonjabulo.
Uthe igama likaflour wakhe welekelelwa ngumyeni wakhe ukuze aliqambe.
“Ngikhumbula ngitshela umyeni wami ukuthi ngifuna ukwenza uflour wokubhaka wangicebisa ngokuthi ngiwubize nge-Easy Bakes, yilapho laqhamuka khona leli gama,” kusho yena.
Lo somabhizinisi akagcini nje kuphela ngokuba noflour wokubhaka njengoba ene-Injabulo Foodworks Culinary Training Studio, okungamakilasi awabambayo ukufundisa aphinde anothise abantu ngokubhaka nokupheka.
“Injabulo Foodworks Culinary Training Studio yisikole esihambela iNingizimu Afrika yonke ukufundisa ukupheka nokubhaka. Ngathatha umhlala phansi ekubhakeni amakhekhe a-odwe ngabantu ngabona ukuthi ukubamba amakilasi yikona okungigculisayo. Kwadingeka ngicabangisise kahle ukuthi ngifuna ukuba ngumqeqeshi noma ngumdlali,” kuqhuba yena.
UNonjabulo uthe kubalulekile ukuthi umuntu athole into ayithandayo ebese agxila kuyona.
“Ukuzimisela entweni oyenzayo yikona okuzokulethela amakhasimende. Amandla ombono yiwona azokuvikela, akugcine usemgqeni aphinde akwenze uphumelele emkhakheni okuwona,” kusho yena.
UNonjabulo uneziqu zeDiploma kwiCatering & Hotel Management azenze esikhungweni iSchool of Fashion esiseMgungundlovu. Uthe ufisa ukubona uflour wakhe uthengisa ezitolo eziphambili, kanti imthokozisa kakhulu indlela abantu abawamukele ngayo umkhiqizo wakhe njengoba uthengwa kuzo zonke izifunda zaseNingizimu Afrika.