Ikhabhinethi ngokubambisana neNational Coronavirus Command Council (NCCC) bacebise uMengameli weNingizimu Afrika uCyril Ramaphosa ukuthi abuyekeze isinqumo sokudayiswa kukagwayi notshwala aphinde adedele imithetho kathaqa, yehliselwe ku-level 2 ezweni lonke.

Kubikwa ukuthi ithimba labaholi bahulumeni lahlangana ngeSonto ukuzodinga loludaba. INews24 isiqinisekisile ukuthi uRamaphosa ubambe umhlangano nekhabhinethi kanye neNCCC ngoLwesibili, kwaphuma isinqumo esivuna ukuvulwa komnotho ngokugcwele.

Kuvunwa lesi sinqumo nje, isimo seCovid-19 sesiqala ukudamba eNingizimu Afrika njengoba sincipha njalo isibalo sabantu abahlolwa batholwe naleligciwane.

Iziko labezindaba iNews24 iveza ukuthi uRamaphosa uzomemezela ngesinqumo asithathile lingakapheli isonto.

Kuvela lokhu nje emasontweni amabili edlule odokotela abaluleka umnyango wezeMpilo empini neCovid-19 nabo bayalela uhulumeni ukuthi sebengaqala benze izinhlelo zokudayiswa kukatshwala .

Babalelwa ku- 566 000 abantu abahaqwe yileli gciwane kanti kubo sekusinde abawu-426 000. ICovid-19 isibulale abantu abawu-10 751 eNingizimu Afrika.