PHUMELELE NXUMALO

Ukuphelelwa wumsebenzi kumenze wasungula ibhizinisi lokuklina uSphindile Gwacela wasePort Shepstone endaweni yaseZingolweni.

USphindile (27) ungumsunguli we’Okuhle Cleaning Services’ ayivule ngoMeyi nonyaka ngemva kokuphela kwenkontileka yakhe yokuba yiLab Assistant ngoMashi. Uthe, ukungabi namholo ngo-April kumphoqe ukuba acabange indlela ezomngenisela imali njengoba enomntwana ononyaka ezelwe.

“Ngobunye ubusuku ngafikelwa wumcabango wokuthi ngikuzonda kangakanani ukungcola kwegumbi lami noma indlu, kanti nasendaweni ehlala izitshudeni bengisebenzisa amazwi athi, ikhaya elihlanzekile liyikhaya elinenjabulo. Abantu abaningi abenza umsebenzi wokuklina baphindiselwa emakhaya njengoba bekuvalwe izwe thaqa, kanti amakhaya amaningi anabazali abasebenzayo abadinga esinye isandla esizokwelekelela ukuze kwehle ingcindezi, ngakho ukufonela umuntu ozokuklinela kungayisisombululo ezinkingeni zabo,” kusho uSphindile.

Ebuzwa ukuthi yini eyinselelo ebhizinisini lakhe ngalesi sikhathi sokhuvethe uthe: “Ukushintsha ibhizinisi lakho ukuze lihambisane nezidingo zamakilayenti. Ngenxa yokukhula kwezobuchwepheshe, kufanele ngithole imishini esebenza kangcono futhi edla isikhathi esincane uma uyinakekela noma uyishaja,” kusho yena.

Lo somabhizinisi uthe ibhizinisi lakhe lizinze eSouth Coast naseThekwini, kanti ufisa ukubona ibhizinisi lakhe lidlondlobala lize lifinyelele esigabeni somhlaba aphinde avulele nabantu abasha amathuba omsebenzi. Uqhube wathi uzibona engumcwaningi nomthuthukisi wemithi nezinto zokuziphaqula.

USphindile uneziqu zeNational Diploma kwi-Analytical Chemistry azethweswe eMangosuthu University of Technology.