Kuhlukane inhloko nesixhanti kuPitso Mosimane neqembu eligijima kwi-UAE Pro League, i-Al Wahda.

UPitso ubesahlale izinyanga ezine kuphela kuleli qembu elikunombolo 5 kwiligi ngemuva kwemidlalo eyisikhombisa.

Emasontweni edlule ike yasabalala imibiko yokuthi angase abone afike ngayo uPitso kuleli qembu kodwa yashabalala kulandela ukunqoba imidlalo emibili ilandelana.

Izindaba zokushiya kwakhe ziqinisekiswe yi-Al Wahda esitatimendeni ngoLwesihlanu.

Ngokwesitatimende leli qembu livumelene noPitso ngokuthi kunqanyulwe inkontileka yakhe.