Umqeqeshi oyibamba kwiSekhukhune United uDonald Makhubedu uthi ukuxoshwa kukaBrandon Truter akubaphazamisanga abadlali abahlulwe yi-Orlando Pirates ngo 1-0 emdlalweni weligi ngoLwesibili e-Orlando Stadium. 

UMakhubedu ubehleli ebhentshini ngaphandle kukaTruter okuvela ukuthi uxoshwe ngeSonto. 

UBrakkies ubengaphansi kwengcindezi isikhathi eside kwiBabina Noko egqozelwa imiphumela selokhu kuqale isizini. 

“Abadlali bakhombise ukungayinaki indaba yezinguquko ebhentshini, bekungabonakali ngisho ejimini izolo. Ngibone abadlali abakhululekile ekhempini, ukushintshwa kukamqeqeshi akubanga nomthelela,” kuchaza uMakhubedu kwabezindaba. 

Kuvela ukuthi indaba yokuxoshwa kukaBrakkies isafihliwe ngoba kusaxoxiswana ngemali okufanele ayinxephezelwe. 

UTruter ubonakale eDanie Craven Stadium ezibukela umdlalo weStellenboch  neRichards Bay ngosuku lwangoLwesibili kuhlulwa iSekhukhune. 

Abezindaba babika ukuthi iSekhukhune igaqele u-Ernst Middendorp obezobukela umdlalo e-Orlando Stadium. 

IBabina Noko izobhekana neSuperSport United emdlalweni weDSTV Premiership ozobanjelwa ePeter Mokaba Stadium ngeSonto (17:45). 

_________________________________________________________________________________________

PROMOTION

Bhalisa i-account ePlaya Bets uthole ibhonasi ka-100% kwi-deposit yakho yokuqala! Ngaphezu kwalokho, uthola idoposit bonus ka-20% every week! Lapho ke uyazikhethela ukuthi iyiphi ideposit ofuna ithayiselwe ngo-20%, kanye ngesonto.

Nakhu okunye ongakuthola:

R50 Free Sports Bet 😉

+50 Spins on any pragmatic slots! ⬆️

Dlala manje ngokulandela le-link: https://playabets.click/o/aJAwHa

Uma ungenayo i-account, bhalisa manje: https://playabets.click/o/aJAwHa?lpage=hKi7Ar