Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ushayele abadlali abasuke ebhentshini ngendlela abadlale ngayo beshaya iKaizer Chiefs ngo 1-0 ngoMgqibelo.

IPirates ikhuphukele kunombolo 7 kwiDStv Premiership kulandela ukuqoqa amaphuzu ayisithupha emidlalweni emibili edlule.

“Kudingeke ukuthi sishintshe abadlali ababili. Kumele ngikuveze ukuthu uShandu noRele bangene enkundleni besuka ebhentshini, abalitholanga ngisho ithuba lokuzifudumeza ngaphambi kokungena,” kusho lo mqeqeshi encoma laba badlali.

“Asidlalanga kahle kodwa sikhombise ukuzinikela kulo mdlalo. Asidlalanga ngomfutho esivame ukudlala ngawo kodwa besinokukhathala. Bekuwumdlalowethu wesikhombisa ezinsukwini eziwu-22. Ngiyababongela abadlali.

IPirates isiyoze idlala ngo-25 November isibhekene neRichards Bay njengoba kuzoyiwa ekhefini leFIFA.