I-Orlando Pirates isimemezele ukuthi umisiwe eqenjini uThembinkosi Lorch osanda kugwetshwa ngecala lokushaya owesifazane.

IPirates ikhiphe istatimende namhlanje ntambama kulandela izikhalo ezinkundleni zokuxhumana ngesigwebo sikaLorch seminyaka emithathu elengisiwe, esihambisana nenhlawulo kaR100 000.

“IPirates isiqaphile isiphetho secala ebelibhekene nomdlali wethu, uThembinkosi Lorch. Njengokwemithetho yePirates, sizoqala uphenyo lwangaphakathi,” kusho iPirates esitatimendeni.

“Iqembu liphatha izindaba ezithinta umthetho ngendlela ezama ukugwema ukujezisa umuntu kabili ngecala elilodwa…sesiqoke ukumisa uLorch kukho konke okuthinta iqembu kuze kushaye uDecember 12.”