Day: November 22, 2023

Search

Usemisiwe kwiPirates uLorch ngenxa yecala lokushaya

I-Orlando Pirates isimemezele ukuthi umisiwe eqenjini uThembinkosi Lorch osanda kugwetshwa ngecala lokushaya owesifazane. IPirates ikhiphe istatimende namhlanje ntambama kulandela izikhalo ezinkundleni zokuxhumana ngesigwebo sikaLorch seminyaka

Read More

Udedelwe ngebheyili ka-R3000 uGabuza

Uphume ngebheyili kaR3000 umdlali weTS Galaxy, uThamsanqa Gabuza, ecaleni lokulimaza impahla endlini yowesifazane asondelene naye. UGabuza uvele enkantolo yemantshi e-Alexandra namhlanje ekuseni kulandela ukuzinikela emaphoyiseni

Read More

Ukhonjwa eScotland uBaartman weSpurs

Umgadli osemncane weCape Town Spurs uLuke Baartman usezidonsele amehlo ezinkunzi zaseScotland iCeltic Glasgow.  Ngokombiko wephephandaba iScottish Sun, iCeltic isinesikhathi eside icathamela uBaartman oyingqwele kontanga yakhe

Read More

UBroos ugxeke inkundla bebhacaza eRwanda 

Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ukhononde ngesimo senkundla iHuye ebifana nedamu lamanzi ngesikhathi kusingathwe umdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba yango-2026.  IBafana ihlulwe ngo 2-0 eButare, okungamagoli

Read More