Umqeqeshi waMaZulu uPablo ‘Cijimpi’ Martin usekubeke obala ukuthi angeke alilaxaze iqembu yize sekukhona amaqembu azama ukumshintsha umqondo. 

UCijimpi ujoyine Usuthu ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2023/24. 

Lomqeqeshi umataniswa nezinkunzi zaseTanzania iSimba SC abeyiqeqesha ngonyaka ka-2022, nokuyilapho yakhishwa kwisemifinal yeCAF Confederation Cup ibhekene ne-Orlando Pirates. 

Umsebenzi kaCijimpi uyazikhulumela kwazise AmaZulu usewafake kwisemifinal yeCarling Knockout abazoyidlala neTS Galaxy ngempelasonto elandelayo eMoses Mabhida Stadium. 

“Uyangijabulisa lombuzo engiwuzwayo. Kuyinto ejwayelekile ukufunwa iqembu owaliqeqesha ngaphambilini uma umsebenzi wakho uncomeka. 

“Iqembu liqhuba kahle kule sizini, bengilindele ukuthi amanye amaqembu azame ukungishela. Kukhona ababuza ngenkontileka yami, abanye babuza ukuthi ngizobajoyina kuyiphi isizini. 

“Ngiyaziqhenya ngalokho ngoba kukhombisa ukuthi ngiyahlonishwa. Ukufunwa amanye amaqembu kukhomba ukuthi akhona amanye amathuba ngoba lomsebenzi awukho nzima. 

“Ngizimisele ngokuhlala oSuthwini, ngiqhube umsebenzi wami. Abantu abazinze eTanzania, Europe kanye nabalandeli kufanele bakwazi lokhu. 

“Ngijabule kuMaZulu, yinde inkontileka engiyisayinile. Kukhona nomndeni wami, okuyinto ebalulekile uma ngithatha izinqumo eziqondene nomsebenzi. Ngibona ikusasa eliqhakazile oSuthwini,” kuchaza uCijimpi obekhuluma nabezindaba ngaphandle kwaseHollywood Kings Park izolo. 

UCijimpi uthi ukufunwa amanye amaqembu kuyinkomba yomsebenzi omuhle awenzayo. 

“Amahebezi azohlezi ekhona. Ngilindele ezinye izingcingo ezinyangeni ezilandelayo ngoba zizochaza ukuthi siqhuba umsebenzi omuhle.

Ngizimisele ngokuhlala kuMaZulu ngoba ngiyakholelwa ezinhlelweni esizihlelile siyiqembu,” kuchaza uCijimpi. 

Lomqeqeshi (43) onenkontileka ezophela ngo-2026, usahlulwe kabili kuphela emidlalweni engu-13 kulesizini.