Usefihliwe owesifazane (61) wakuleli obezinze phesheya kwezilwandle eLondon e-United Kingdom, otholakale endlini yakhe esengamathambo emva kweminyaka elinganiselwa kwemithathu ashona.

Amathambo kaNkk Sheila Seleoane kuthiwa atholakale kulo nyaka efulethini lakhe abehlala kulo, yize yena ashona ngo-2019. Ngokwe phephandaba iDaily Mail omakhelwane baNksz Seloane obekade ewuNobhala, bathe babehambisa izikhalazo zabo kubaphathi bebhilidi ngephunga ebeliphuma endlini kaNkk Seloane, kodwa akekho owalandelela kwaze kwaba kuvula amaphoyisa aseLondon azithela kumathambo akhe.

Amathambo akhe atholakale kusofa, imbangela yokufa kwakhe ayaziwa kodwa isaphenywa. IDaily Mail iveza ukuthi kunezikhalazo ezilinganiselwa ku 50 ezingazange zinakwe mayelana nephunga ebeliphuma endlini kaSeloane. 

Amathambo akhe anikezwe umndeni wakhe ose-Eastern cape ukuba amfihle ngesizotha.