Indawo yokucima ukoma yaseMgungundlovu eKwaNxamalala eSweetwater, iSamkelisiwe Restaurant, izovalwa izinyanga ezintathu kulandela ukudutshulwa kwabantu abawu 12 ngempelasonto.
Ibhodi eligunyaza ukudayiswa kotshwala KwaZulu Natal iKwazulu-Natal Liquor Authority (KZNLA) limise ukusebenza kwelayisensi yale ndawo izinyanga ezintathu, noma kuze kube wukuthi kulungiswa izinto ezithize ezingenziwa ngendlela kule thaveni.
“I-KZN Liquor Authority ithole ukuthi izibopho zokuphepha ezenziwa ngumnikazi welayisensi azizange zilandelwe ngokwemibhalo yesicelo ethunyelwe, lokhu kuholele ekuphulweni kwemibandela yelayisensi ebekwe yiSigungu seziPhathimandla,” kusho le nhlangano.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal uLieutenant Nqobile Gwala uthe kwangena amadoda amabili eSamkelisiwe Restaurant ebusuku ngabo 20:30 afike avulela ngenhlamvu kwashona abantu abane kwalimala abayisishiyagalombili.