Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uMnuz Julius Malema uthi angamane angavotelwa kunokuthi athi akuxoshwe abantu abamnyama abaqhamuka kwamanye amazwe kuleli. 

UMalema ukhulume kanje ngenkathi enengxoxo ekhethekile ngoMsombuluko nePodcast and Chill kwi-YouTube. UMalema ugxeke i-Operation Dudula wathi akumele engabe abantu abamnyama bazondana bodwa ngoba loko kujabulisa isitha. 

“Abantu abamnyama bazondwa umhlaba wonke, uma ufika kwamanye amazwe bayakuthinta babheke ukuthi awungcolile yini, Ngingasho kanjani ke ukuthi asizondane kubekwe nemingcele?” kubuza uMalema.

Eqhuba uthe akahambelani nobugebengu futhi akasoze akweseka. Uthe labo abenza ubugebengu kumele babhekane nengalo yomthetho.

“Abantu abayizigilamkhuba abadayisa izidakamizwa bayaziwa. Thina njengabantu abamnyama kumele sibumbane,” kuchaza uMalema. 

Ephawula ngokhetho lukazwelonke oluzayo ngo2024 uthe iqembu elibusayo i-ANC angeke lilibone elidlalayo. 

Ngonyaka ozayo i-EFF izobe igubha iminyaka ewu-10 yasungulwa.