Sphamandla Gumede

Umqeqeshi weBlack Leopards uLehlogonolo Seema uthembisa ukusebenzisa ikhefu lamaqembu esizwe ukuze ezovuka ngamaqhinga amasha okusindisa iqembu lakhe ezembeni. Ngemuva kwemidlalo engu-20 yeDSTV Premiership, iLeopards iyibambe emsileni ngamaphuzu angu-13. Isanqobe kathathu, yabulawa ngenduku amahlandla angu-13.

USeema ubekhuluma ngemuva komdlalo weDSTV Premiership ophele ngo 1-1 iLeopards ibambana neMamelodi Sundowns eqhwakele kwiligi. “Ngicabanga ukuthi siyalidinga ikhefu leFIFA ngoba ziningi izinto okumele sizilungise. Kumele silamukele leli khefu ngoba lisinikeza isikhathi sokulungisa amaphutha,” ush kanje.

ILidoda Duvha isalelwe imidlalo elishumi ukuze ilungise isimo saye esibucayi. Kubhede ngisho sebeqashe uKostadin Papic onguMqondisi weqembu. “Inyanga edlule nohhafu ibe nzima kakhulu ngoba besihamba kakhulu. Ikhefu lifike ngesikhathi esihle ngoba abadlali bazokwazi ukuyophumuza imiqondo kancane, babuye sebesesimeni esihle. Uma imiphumela ingalungi kahle emidlalweni, kuyenzeka umdlali afune isikhathi sokuhlaba ikhefu,” kubeka lomqeqeshi. USeema uthi uyabazi ubunzima ababhekene nabo njengoba kumele bathole imiphumela baphinde bamincele eminye imidlalo ukuthi ibavune.

“Kukhona abadlali okumele balulame. Sizobashintsha abadlali ngoba yonke imidlalo idinga izoba nzima futhi sesiyela emaphethelweni. Okwamanje, sicabanga ngokuqoqa amaphuzu. Imiqondo yabadlali iphazamisekile emasontweni adlule. Lokhu kwenziwa imiphumela engemihle. Kulele kithi njengabaqeqeshi ukuthi sizame ukubuyisa injabulo eqenjini,” kuchaza uSeema.