Sphamandla Gumede
Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJosef Zinnbauer uthi isethenjwa seqembu uThembinkosi Lorch uzobonakala enkundleni uma sekuphele ikhefu leFIFA.
ULorch ubengekho emdlalweni womkhaya ngempelasonto njengoba ebelandela imiyalelo kadokotela weqembu. UZinnbauer uthi umbiko kadokotela ucacise ukuthi uLorch engabuyela enkundleni uma sekudlule ikhefu leFIFA, ekuqaleni kwenyanga u-Ephreli. “Ngikhulumile noLorch ngoLwesihlanu sesiqede ukuzilolonga, ungitshelile ukuthi angeke akwazi ukudlala. Ubenezinhlungu, ubezoba sengcupheni enkulu ukube udlalile. Ithimba lodokotela lisitshele ukuthi uzolulama kahle uma sekuphele ikhefu leFIFA,” kuchaza uZinnbauer.
Lomqeqeshi uphinde waveza ukuthi omunye umdlali obelimele uTerrence Dzvukamanja naye uzobuyela ensimini uma sekuphele imidlalo yamaqembu esizwe. “Ngicabanga ukuthi uzobe esebuyile. Ngithemba ukuthi akusiyena yedwa, kumele kubuye nabanye abalimele. Sizobuyelwa abadlali abaningi uma sekuphele ikhefu, naye uDzvukamanja.”
IBucs isanda kwamukela abagadli uTshegofatso Mabasa noGabadihno Mhango abekade belimele. UZinnbauer ube eseveza ukuthi kukhona abadlali okungelula ukuthi baqede umdlalo. “Bakhona abadlali ababuyile, kodwa angeke bawuqede umdlalo. Sinekhefu okwamanje, sizobuya sesiqinile nabadlali abaningi,” kuphetha uZinnbauer.
IBucs izobhekana neMaritzburg United ngo-April 6 emdlalweni weDSTV Premiership olandelayo.