Sphamandla Gumede

Isiqalile ukuzungenza imibiko ematanisa iKaizer Chiefs nabadlali abaphambili kuleli njengoba abalandeli bayo sebekulindele ngabomvu ukubona izinduku ezintsha umqeqeshi uGavin Hunt azogadla ngazo ngesizini ezayo yeDSTV Premiership.

Kuvela kuthi iChiefs icathamele umdlali weMamelodi Sundowns Keletso Makgalwa. Imithombo ehlukahlukene ilokhu ikuvezile ukuthi Amakhosi aseke axhumana neSundowns, ebuza ngoMakgalwa osuka kwinkulisa yeqembu.

“Ngizwile ngaleyondaba kodwa angeke ngiyiqinisekiwe okwamanje. Angeke ngiphike futhi kodwa uGavin Hunt uyamthanda uMakgalwa kusukela esaqeqesha iBidvest Wits,” kusho umthombo. UMakgalwa ulizwa ngendaba ijezi selokhu kuqale isizini ka-2020/21 njengoba iSundowns inabaqeqeshi abasha.

Umqeqeshi wakudala uPitso Mosimane ubemkhonzile uMakgalwa kwazise ubemdlalisa ephinde amsebenzise uma sekufuneka amagoli. Yize iGibela Sport izame konke okusemandleni, iDowns yalile ukuphawula ngaloludaba. Ucingo luka-Alex Shakoane belukhala lungabanjwa. Kuzokhumbuleka ukuthi kumasizini edlule, iChiefs ithathe uKhama Billiat, Ramahlwe Mphahlele noLeonardo Castro kwiDowns.

Ngaphandle kukaMakgalwa, iChiefs iphinde imataniswe nomdlali weSwallows FC uKgaogelo Sekgota.

IChiefs kulindeleke ukuthi ichithe abadlali abaningi kuphela isizini abanye bazophelelwa izinkontileka. Igama likaSekgota libalwa eqhulwini kwazise useke wasebenza noHunt kwiBidvest Wits. Umthombo wezindaba othembekile usilume ngendlebe walandula ukuthi lomdlali useqedela isizini nje kwiSwallows.

“USekgota useqhulwini lwabadlali abafunwa eNaturena. Useke wasebenza noHunt ngaphambilini. Kuzoba ukubuyisana nje. Uzoya kwiChiefs ngoba inkontileka yakhe iyaphela uma kusongwa isizini. ISwallows kumele ixoxe naye uma ifuna ukumsayinisa futhi,” kuchaza lomthombo.

USekgota ubezosayina neChiefs ekuqaleni kwesizini kodwa kuphazamise isigwebo seFIFA eseivimbela leliqembu ukuba lisayinise abadlali. Isigwebo siyaphela ngoJuni, Amakhosi azoba nethuba lokuxoxisana naye uSekgota.