Obengumqeqeshi obambili kwiChippa United, uLehlonolo Seema uthi umnikazi waleli qembu, uSiviwe Mpengesi, usazozisola ngendlela aphatha ngayo abantu.

UMpengesi uxoshe inqwaba yabaqeqeshi nakulesizini ezama ukuvika izembe, waphumelela. Kulabo baqeqeshi kubalwa uDiane Klate, Morgan Mammila, Kurt Lentjies noSiyabulela Gwambi. USeema ulandwe ekugcineni abaningi sebekholwa wukuthi ibheke ehlathini iChippa, yasinda.

Kuleli sonto uMpengesi uqinisekise izindaba zokuthi bayamdedela uSeema ngoba inkontileka yakhe bekungeyesikhashana vele…nangesizini wenza okufanayo kumqeqeshi owasindisa iqembu ezembeni.

“Kuyiqiniso ukuthi ukuthi angisekho kwiChippa United, niyazi usebenza kanjani usihlalo weqembu (uSiviwe Mpengesi),” kusho uSeema engxoxweni neFARPost.

“Ngiphoxekile, kodwa uMdali uzongivulela elinye ithuba. Ngelinye ilanga usihlalo uzozisola ngendlela aphatha ngayo abantu.

“Iqembu kuthiwa linezinye izinglelo. Ngike ngezwa kuthiwa bahlela ukubuyisa uMammila. Kodwa kulungile anginankinga, ngeke ngiphinde ngibuyele.”