Usenikezwe izintambo zokuqeqesha ngokuphelele uMusa Nyatama kwiSwallows FC kulandela ukuyifaka kwi-top 8 isuka ezembeni kule sizini.

Lokhu kuqinisekiswe wusihlalo weSwallows uDavid Magoshoa ekhuluma ohlelweni lukaRobert Maraw, iMSW.

“UNyatama uzoba wumqeqeshi omusha weqembu ngesizini ezayo. Kusezandleni zami ukuqinisekisa ukuthi uyalithola ithoba, ngesizini ezayo uzobe ewumqeqeshi weSwallows. UneCAF C license, kumele sithole umuntu ozomlekelela ozokwazi ukubamba ngesikhathi esamatasa ne-CAF B ne-A license.”

UNyatama (35) uqale isizini ewumdlali weDube Birds kodwa wabanjiswa umsebenzi kulandela ukubhimba kwezinhlelo zokuqasha uDylan Kerr, nokushiya kuka-Ernst Middendorp sekusele imidlalo ewu-8 iqembu likunombolo 14.

UNyatama ulandelwe uMorgan Mammila ukumlekelela, kodwa ngokwemibiko yakamuva uzobuyela kwiChippa United.