Umqeqeshi weManchester City uPep Guardiola uthi akayi ndawo uma kuphela isizini, ngisho bengayinqoba iChampions League neFA Cup, usafuna ukuhlala.
Bekunemibuzo ngekusasa likaPep ngasekuqaleni kwesizini njengoba bekuvela imibiko yokuthi kungase kube yisizini yakhe yokugcina kumaCityzens.
“Ngingathanda ukuqhubeka nangesizini ezayo ngisho ngabe siyiqeda kanjani isizini. Ngingathanda, kodwa angazi ngizozizwa kanjani ngemuva kwemidlalo emibili esele,” kusho uPep.
“Nginenkontileka neqembu engilihloniphayo. Ngizohlala nangesizini ezayo noma sibhekene namacala. Ungakhathazeki, ngizobe ngikhona.”
UGuardiola ubekhuluma ngamacala iCity ebhekene nawo eFinancial Fair Play okusangenzeka ayiphazamisele izinhlelo ngesizini ka-2023/2024.
Uthe angathanda luphuthunyiswe lolu daba ukuze kuqale isizini entsha sebazi bami kuphi.
“Ngilindele isizini enzima ngoba onke amaqembu azobe efuna ukusishaya. Sisafuna ukuqhubeka kodwa silwele ukuvikela isico, abasifunayo kuzomele badlale kangcono kunathi,” kusho yena.
UGaurdiola usenqobe izicoco zeligi ezinhlanu neCity.