Umqeqeshi weSekhukhune United uLehlogonolo Seema uthi akumthusanga ukubona ezakhe zihluleka ukukhanda amathuba koweCAF Confederations Cup ngoba izimbangi zabo iStade Malien bezingakhethele.
Lamaqembu acazelane amaphuzu ebambana ngo 0-0 kulomdlalo obubanjelwe ePeter Mokaba Stadium ngeSonto ebusuku.
IBabina Noko ihleli endaweni yesithathu kuGroup ngemuva kwemizuliswano emithathu. ISekhukhune iyalingana neMalien ngamaphuzu amane kodwa leliqembu laseMali lihleli endaweni yesibili ngesizathu samagoli amaningi.
USeema uthi iqembu lakhe lixinwe ukusondelana kwemidlalo, yingakho lihluleke ukubamba umgqigo emdlalweni.
“Besibhekene neqembu elingumqemane. Basadlale imidlalo emithathu kuphela kwiligi ekubeni amanye amaqembu aseqede imidlalo engu-12. Banemidlalo eyisithupha uma ubala neyeCAF.
Ngiyababongela abadlali bami ngoba bakwazile ukumelana neqembu eliphumule ngokwanele.
Bekunzima noma sesifake abadlali abasha. Silwile emdlalweni, ngizobonga nethimba lodokotela ngomsebenzi wabo ngoba abadlali baqiniselile noma kunzima.
IMalien iphumule ngokwanele ngaphambi komdlalo. ISekhukhune ibinemidlalo emithathu ezinsukwini eziyisikhombisa. Okungijabulisayo ukuthi sishaye amagoli amane, sangenelwa elilodwa.
Ngicabanga ukuthi kubacasulile ukungawini ngoba bebelidlala lonke ibhola. Sizozama ukuphumuza iqembu, sililungiselele ukuyodlala eMali, sizame ukuthola noma iphuzu elilodwa,” kuchaza uSeema ekhuluma nabezindaba.
USeema uthe uselinde umbiko wodokotela ngesimo sikaNyiko Mobbie ophume elimele esiwombeni sokuqala.
“Anginalo ulwazi oluningi, ngizothola ulwazi uma esexilongwe odokotela,” kuchaza uSeema.