Umqeqeshi weRoyal AM uJohn Maduka usegcizelele ukubaluleka kokuqoqa amaphuzu agcwele uma bedlalela esibayeni sabo eHarry Gwala Stadium.
UMaduka ubekhuluma ngemuva komdlalo weDSTV Premiership beshaya iRichards Bay ngo 3-2 khona eHarry Gwala.
UMxolisi Macuphu ushayele iThwihli Thwahla amagoli amabili, elinye lashaywa uThabo Matlaba ophinde wagwazisa umkhonto ekhaya. USanele Barns ushaye igoli lesibili leBay.
UMaduka uthi kufanele bawagcine ekhaya amaphuzu uma sebedlala neMoroka Swallows eHarry Gwala ngomhlaka 23 kuDisemba
IRoyal AM isinqobe imidlalo emithathu ekhaya kulesizini, yahlulwa kwemibili, owodwa waphela zibambene.
“Ngilindele umdlalo oshubile kwiSwallows. Ayikho imidlalo elula kodwa kufanele sinqobe ngoba sizodlala ekhaya. Kunzima ukudlala ekuhambeni kwiligi, ngijwayele ukubachazela abadlali ukuthi akufanele sihlulwe ekhaya,” kuchaza uMaduka ekhuluma nabezindaba.
UMaduka uthi ezakhe zihuqe ubuthongo ngemuva kokushaya amagoli amathathu esiwombeni sokuqala. Lomqeqeshi uncome umgadli uMxolisi Macuphu (34) oshaye amagoli amabili.
“Siwuqale kahle umdlalo ngokushaya amagoli amathathu. Iqembu lihuqe ubuthongo ngesikhathi selihamba phambili ngamagoli amathathu. Siyekile ukudlala, sababuyisa emdlalweni.
UMacuphu usebenza ngokuzikhandla futhi unethalente. Kubalulekile ukuthi aqhubeke nokuzikhandla, angaphazamiseki emqondweni,” kuchaza uMaduka.
Lomphumela usize iRoyal AM yaphefumula njengoba ingelinye lamaqembu asengcupheni yokudliwa yizembe. IBay ingene kolukhulu utaku njengoba isahleli kunombolo 15 kwiligi.