Umgadli weMamelodi Sundowns uLesiba Nku uyibona inobungozi iCape Town Spurs esempini yezembe njengoba lamaqembu ezotholana koweDSTV Premiership namhlanje.

ISundowns isinqobe yonke imidlalo elishumi kwiligi, okuyirekhodi elisha emlandweni wePSL. 

ISpurs siwukudla kwenduku njengoba sesihlulwe emidlalweni engu-12, sanqoba owodwa kuphela. Leliqembu laguqisa i-Orlando Pirates ngo 2-1 lidlalela ekhaya. 

Yize iSpurs sisanenebulwa ngenduku noma sekufike umqeqeshi omusha u-Ernst Middendorp, uNku ubona bezowajulukela amaphuzu kulomdlalo. 

“Ngilindele umdlalo onzima kwiSpurs ngoba balwela ukuphunyuka ezembeni. Thina sigaqele ukuqukula iligi, sinqobe yonke imidlalo elandelayo. Kuzosiphuka izidindi emdlalweni. 

Sihlelela umdlalo ngamunye, sifuna ukunqoba yonke imidlalo. Asibheki indawo esihleli kuyo, sinaka iqembu elisendleleni yethu. 

Umqhudelwano weCAF uhlukile kwiligi. Siwulungiselele kahle lomdlalo yize sinemidlalo esondelene ezinsukwini ezintathu. Abadlali bayalulama kahle,” kusho uNku. 

Umdlalo uzoqala ngehora lesikhombisa (19:30) ebusuku eLoftus Versfeld.