Umphathi wezokumaketha iKaizer Chiefs, uJessica Motaung, usephinde wathembisa abalandeli baleli qembu ukuthi basaqhubeka nemizamo yokwakha iqembu labesifazane.

IChiefs isithembise lokhu cishe iminyaka emihlanu edlule manje. Eminyakeni emibili edlule bekubukeka sengathi lizokwethulwa maduze iqembu njengoba bekuthiwa iChiefs ixoxisana nelinye lamaqembu agijima kwiHollywoodbets Super League, kodwa zagcina zibhuntshile izingxoxo.

Ekhuluma ngalolu daba kuleli sonto uJessica ubeke kanje: “sisasebenzela phezu kwakho. Kubalulekile ukuythi sikwenze futhi kuyangiphoqa ngoba ngikwikomidi leCAF Women’s Football. Ngiyawabona amathuba ebholeni labesifazane.

“Kuzothatha isikhathi, ngicedla abalandeli basibekezelele. Esikwenzayo kuhambisana nohlelo olukhulu esizolwenza neSAFA, esizongena kulo. Sekunesikhathi sesebenza phezu kwale project.”