IKaizer Chiefs isiphucwe iqatha emlonyeni njengoba sekuhambe iPerfomance Analyst ebiqashelwe ukuzosiza umqeqeshi omusha uNasreddine Nabi.

U-Ayman Makroud umemezele lezi zindaba emakhasini ezokuxhumana, ebonga abalandeli beChiefs ngendlela abamamukele ngayo. Uthe uzojoyina elinye iqembu azolimemezela maduze.

Okwamanje akucaci ukuthi uyaphi uMakroud kodwa kungenzeka avumbuke eMorocco kwiWydad Cassablanca okuthiwa ifuna uRulani Mokwena.

Khonamanjalo, unozinti weKaizer Chiefs uBrandon Petersen ubona umkhulu umehluko ofike nethimba labaqeqeshi elisha eliholwa wuNabi. 

UNabi ufike nethimba lakhe elisha elimatasa namalungiselelo esizini ka-2024-25 aqhubekayo eTurkey.

UPetersen uthi umqeqeshi wonozinti u-Ilyes Mzoughi ubabelesele onozinti ngejimu selokhu kuqalwe amalungiselelo esizini entsha. 

“Bekunzima kakhulu ngesikhathi sisaqala amalungiselelo emasontweni amabili adlule. Ithimba elisha lisibelesele ngejimu, umqeqeshi wonozinti, u-fitness trainer (Majdi Safi) noyiphini likamqeqeshi (Fernando Da Cruz) baqinisa isandla. Bekunzima kakhulu konozinti. 

“Besijwayele ukungaqinisi ejimini ngesonto lokuqala kodwa zishintshile izinto kulokhu. Ubunzima sabhekana nabo ngosuku lokuqala kodwa imizimba isiyajwayela. Sesijwayele ukujima kanzima, sesilangazelele ukubona ukuthi amasonto azayo asiphathele ini,” kubeka uPetersen ekhuluma nabeSuperSport Football.

UPetersen ushayele ihlombe abadlali abasuka kwinkulisa ngokuyibamba ishisa eqenjini elikhulu. Ufisa ukubabona bebhukula kulesizini ezoqala.

“Nami ngakhuphulwa ngisuka kwinkulisa. Ngiyakuqonda ukubaluleka komdlali osemncane okhushulelwa eqenjini elikhulu. Wamukelwa ngezandla ezimhlophe eqenjini labadala. 

“Abadlali abasuka enkulisa bayazikhandla, selokhu sibuyele ejimini. Kukhona abanethalente, bayaziveza ukuthi bazolenzela ini iqembu.

“Ngizobadlulisela ngolwazi olubalulekile njengoba ngizochitha isikhathi esiningi nabo ekhempini. Ngizobasiza bakwazi ukumelana nobunzima bokudlala eqenjini elikhulu,” kusho uPetersen.

IChiefs izobuya eTurkey isilindwe iYoung Africans abazobhekana nayo emdlalweni weToyota Cup ozobanjelwa eFree State Stadium, eBloemfontein ngomhlaka 28 kuJulayi.