Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena usefake owakhe umbono odabeni lwabadlali be-Al Ahly ababonakala begumula imigexo yesiliva esiteji ngemuva komdlalo wamanqamu weCAF Champions League.

Lokhu kwenzeke sekuphele umdlalo eStade Mohamed V, lapho iWydad eshaye khona i-Al Ahly ngo 2-0.

Sekunikezelwa ngemigexo, abadlali be-Ahly bebeyigumula ngokushesha, kubonakala ukuthi abeneme ngokuhlulwa. Isekela kubaqeqeshi kwiSundowns uSteve Komphela usigxekile isenzo sabadlali, wathi bakhombisa ukudelela.

UMokwena ubavikelile abadlali be-Ahly, wathi isenzo sabo sikhombisa ukuthi abakwazi ukuvumela ukuhlulwa.

Ekhuluma nabeSupersport TV, uMokwena ubeke kanje.

“Ziningi izizathu ezenze abadlali bagumula imigexo. Okokuqala kukhombisa ukuthi abakwazi ukuvuma induku. Ngikhombise umdlali ongakwazi ukuvuma ukuhlulwa, isimo sinjalo kubadlali.

Labadlali sebefike emidlalweni yamanqamu eminingi. Kunzima ukwamukela ukuhlulwa ngoba sebejwayele ukunqoba emidlalweni yamanqamu. Kubaphatha kabi ukuhlulwa.

Bebefuna ukunqoba emdlalweni wamanqamu kodwa akwenzekanga. Sebejwayele ukuyodlala kwiClub World Cup. Ngicabanga ukuthi baphoxwe yikho ukuthi ababuyeli kwiClub World Cup ngesizini ezayo,” kubeka uMokwena.

UMokwena uphendula nje sekusabalele umfanekiso oqoshiwe okhombisa umdlali we-Ahly u-Amr El Solia elahla phansi umgexo wesiliva ngaphambi kokulibangisa emagumbini okugqoka.