Inkakha ye-Al Ahly uTaha Ismail usecele ukuthi izikhulu zeqembu zikhulule Percy Tau, Aliou Dieng no-Ali Maaloul eqenjini.
U-Ismail (83) ubekhuluma ngemuva komdlalo wamanqamu weCAF Champions League i-Al Ahly ishaywa iWydad Casablanca ngo 2-0 eStade Mohamed V Stadium izolo.
Ubone kufanele kulahlwe uTau ngoba akekho ezingeni lokudlalela iqembu. Uthe uDieng noMaaloul kumele badayiswe, ukuze kuzothengwa abadlali abasha.
“I-Al Ahly kufanele idayise u-Ali Maaloul, ungumdlali othenjiwe. Iqembu lingathola imali enhle ngaye. UDieng naye kufanele adayiswe, sebengathenga abanye abadlali abazovala izikhala zabo.
UPercy Tau akekho ezingeni le-Al Ahly, kufanele adayiswe. I-Al Ahly idinga abadlali abangcono,” kusho lenkakha icashunwa abeKingfut.
UTau ubhacazile kulomdlalo, edlaliswa njengomgadli ocashile. Ubengalitholi ibhola kozakwabo. Ulitholile ithuba lokubuyisa ezakhe emdlalweni kodwa wahluleka esebhekene nonozinti ngomzuzu ka-80.
UTau uthinte ibhola amahlandla angu-25 kuphela.