Obengumqeqeshi weWydad AC uRulani Mokwena usephumele obala ngokuphatheka kabi ngokuphuthwa yithuba lokubhekana nengqwele yabaqeqeshi abukela kuyo, uPep Guardiola, abezobhekana naye namhlanje kwiIFIFA Club World Cup.
UMokwena kuyaziwa ukuthi ungomunye wabaqeqeshi abathathe ulwazi lwamaqhinga ebhola kwindlela uPep athanda ukubona amaqembu akhe edlala ngayo, okuyinto ecace kakhulu kwiSundowns nakwiWydad.
Lo mqeqeshi ubezobhekana noPep namuhle ngo 18:00 kodwa ukungahambi kahle kwesizini yakhe yokuqala eMorocco kumphuce leli thuba ehlukana neWydad ekupheleni kwesizini edlule.
“Ngiphuthwe yithuba eliyingqayizivele, nakanjani,” kusho uMokwena.
“Kodwa lokho akusho ukuthi ngeke ngilithole elinye ithuba lokuzama ukubhala izivivinyo. Mhlawumbe uNkulunkulu usangibekele okukhulu ngaphambili. Bekuzoba yithuba elihle lokubhala izivivinyo ngesikwati seWydad, bekuzofana ne-class lika-master eHavard University.
“”Ngifunde imigomo yakhe iminyaka eminingi, futhi ukuhlola lolo lwazi bekungaba usizo olukhulu futhi, yebo, umzuzu omuhle kakhulu. Kodwa ibhola, njengempilo, liya phambili, futhi lokho kuphoxeka ngikufaka enseleleni yami elandelayo, ngizilungiselela ithuba elilandelayo. NeWydad ngiyifisela okuhle kodwa.”