Umdlali weMamelodi Sundowns obolekwe yiWydad AC uThembinkosi Lorch usemfanise ‘nomfowabo’ uRulani Mokwena, athi ubekwazi ngisho ukukhuluma naye nangezinkinga zangasese ngesikhathi besasebenza ndawonye.

ULorch uveze lokhu ekhuluma nabezindaba ngaphambi komdlalo weWydad neManchester City kwiFIFA Club World Cup namhlanje ngo-18:00.

Uchaze ngobunzima nokudlala eNorth Africa, nangobudlelwano bakhe noRulani ongomunye wabaqeqeshi abahlonishwayo abavela e-Africa njengamanje noma engekho kwiClub World Cup ayethembe ukuya kuyo neWydad.

“Akukho lula ukudlala eMorocco usuka eNingizimu Afrika,” kusho uLorch. “Bengaziwa yiwona wonke umuntu eNingizimu Afrika, ngesikhathi ngifaka eMorocco bengingaziwa. Kudingeke ukuthi ngijwayele. Abadlali nabaqeqeshi bangamukela kahle, nabalandeli, ngizibona ngingene khaxa.

““Ngike ngasebenza nomqeqeshi uRulani nangaphambi kweSundowns, ngangidlalela iPirates lapho ayengiqeqesha khona kwathi uma eya kuSundowns wangilanda kuPirates wangiyisa kwiSundowns.

“Ngakho-ke ngimbona efana nomfowethu, ubaba noma umngani. Ngaso sonke isikhathi lapho nginezinkinga, ngangiya kuye ngiyocela iseluleko. Wakwenza kwaba lula kimi ukungena kahle eqenjini.”