Umqeqeshi omusha weReal Madrid uthi uyazi kuzobathatha isikhathi abadlali ukuhamba indlela afuna bedlalela ngayo kodwa akayithandanga nakancane indlela abadlale ngayo esiwombeni sokuqala bebhekene ne-Al Hilala koweFIFA Club World Cup izolo.

Umdlalo ugcine uphele ngo 1-1 kodwa isikhathi esiningi emdlalweni i-Al Hilal ibibukeka iyingozi, futhi ibingaya ekhefini Ihamba phambili ngemuva kwesiwombe sokuqala.

IMadrid ibishoda ngoKylian Mbappe kulo mdlalo, kodwa kuphinde kwahlala obala nokuthi ibingashodi phambili kuphela. Isanokuxega esiswini, ukuhluleka ukulawula umdlalo, kanti nasemuva izitobha eziqale umdlalo bezithwele kanzima.

Ekhuluma ngemuva komdlalo u-Alonso ubekwe kanje. “Angiyindanga indlela esidlale ngayo esiwombeni sokuqala, nakancane.”

Lo mqeqeshi ushintshe iformation esiwombeni sesibili, izinto zabangcono kancane kodwa bahluleka ukuvalela igoli lesibili.

Unozinti wakhe uThibaut Courtois naye ukuvumile ukuthi abakasibambi kahle isitayela esisha sokudlala. “Sisadlala ibhola elithi alifane nelika-Carlo Ancelotti,” kusho yena ngemuva komdlalo. “Lokho ngeke kushintshe ngemuva kwezinsuku ezine.”

NoJude Bellingham naye ukuvumile ukuthi akuhambanga ngendlela abebefisa ngayo kumdlalo wabo wokuqala kwi-2025 FIFA Club World Cup. “Sidlale isitayela esisha kodwa asiwutholanga umphumela ebisiwufuna. Ngokuhamba kwesikhathi sizoyibona imphumela.

Khonamanjalo u-Alonso uthe uyangabaza uMbappe uzobe esekulungele ukudlala kumdlalo wabo nePachuca ngeSonto njengoba ebanjwe wumkhuhlane.