Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena uthi kuzobaphoqa ukuthi badedele abanye abadlali uma esesayine ngokusemthethweni uTerrence Mashego.

Kungenzeka uRulani ukhuluma ngabadlali basemuva abakhahlela ngesokunxele, okukhona kubo uLyle Lakay, Aubrey Modiba noSifiso Ngobeni.

Kuvela ukuthi iSundowns neCape Town City bazophinde benqakiselane ngaye uLakay osekhuhla ibhentshi kwiDowns.

URulani uvumile ukuthi kunomdlali okuzodingeka ukuthi adedelwe uma kufika uMashego.

“Kuyaphoqa ukuthi sidedele abanye abadlali ngoba kuzominyana eqenjini. Angeke ubagcine bonke abadlali, iqiniso linjalo. Iqmrbu lizokhipha isitatimende namuhla,” kusho lomqeqeshi.

Kulindelwe ukuthi iDowns iqinisekise izindaba ngoMashego namuhla noma ngempelasonto.