Iphini labaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns uSteve Komphela usephendule inkulumo kaHugo Broos oveze ukuthi akasiboni isidingo sokubuyisa u-Andile Jali esikwatini seBafana Bafana.
UBroos uthe ukubuyisa uThemba Zwane kwiBafana akuchazi ukuthi noJali uzothola ithuba.
“Njengoba ngisho, angifuni ukudelela izwe neqembu,” kusho lomqeqeshi.
UKomphela ubhale ekhasini lakhe kuTwitter ekhalaza ngolimi lukaBroos olunomnkenke.
“Imuncu lenkulumo, uma ngizokhuluma iqiniso. Indelelo enkulu lena. Izinkulumo ezinjena ziyingozi kubantu baseNingizimu Afrika ngoba kungenzeka zidale intukuthelo kubo.
Kufanele sigade izinkulumo zethu, kufanele iphele lento,” kubeka lomqeqeshi.