Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena uthi useqalile ukuhlelela umdlalo wezakhe neKaizer Chiefs ongoMgqibelo ngo-3 ntambama.

Kusasa iSundowns izobhekana ne-Orlando Pirates koweDStv Premiershipo, okuwumdlalo obhekwe ngabomvu.

“Sibhekana ngomdlalo ngamunye…akumele ngabe ngiyakuveza lokho ngoba empeleni kade ngitshela abadlali ukuthi sengiqalile ukubuka iChiefs. Ngiphumele obala kubo namhlanje (izolo) ekuseni,” kusho uMokwena.

“Umdlalo olandelayo kodwa iwona obaluleke kakhulu. Kumele sigxile kuwona.”