Uvumbuke kuMaZulu FC uBen Motshwari obeselizwa ngendaba ijezi kwi-Orlando Pirates, uBen Motshwari.
UMotshwari usayine inkontileka ezomgcina eKZN kuze kuphele isizini ka-2023/2024, AmaZulu azonquma ngokumgcina isikhathi esengeziwe ekupheleni kwesizini.
Usuthu luqinise isisu kulandela ukushweba uThabo Cele obebangwa neKaizer Chiefs kodwa ogcine eqoke ukuhlala e-Europe.
“Siyamamukela eqenjini uBen, futhi ngiyethemba uzozinza kahle, enze umsebenzi omuhle eqenjini likaPablo Franco,” kusho umengameli waMaZulu uSandile Zungu.
Khonamanjalo, uZungu uphinde wakuchitha ukuthi kunamaqembu afuna ukusayinisa umdlali waseNamibia, uRiaan Hanamub. UZungu uthe alikho iqembu lePSL eselikhulume nabo ngokumsayinisa futhi akekho endalini.
AmaZulu azobhekana nePolokwane City ngoMsombuluko (25 September) emdlalweni olandelayo weDStv Premiership.