Umqeqeshi weManchester City uthi akusayona into ekhethekile ukunqoba isicoco se-UEFA Champions League kanye ngoba maningi amaqembu aseke akwenza lokho, ufuna ukubona ezakhe ziyinqoba okwesibili.

IMan City ingene kuGrouo G kwi-UCL, iqhathwe neRB Leipzig, Young Boys neCrvena Zvezda. Abaningi balindele ukuthi izigwazele ibhece emdlalweni wokuqala njengoba izobhekana neCrvena namhlanje.

Ekhuluma ngaphambi kwalo mdlalo uPep uthe kuhle ukuthi baqophe umlando ngesizini edlule, kodwa usefuna ukubona ezakhe ziwunqoba okwesibili lo mqhudelwano.

“Kunzima ukuyinqoba okokuqala, kodwa mangani amaqembu aneChampions League eyodwa? Inqwaba. Ngoba sesikwenzile lokho sesibheke ukuzakhela igama ngokuyiphinda,” kusho lo mqeqeshi.

“Abadlali basakulambele ukuwina, nami ngokunjalo.”

UPep uveza lokhu nje ngisho iqembu abazobhekana nalo selike layinqoba i-UCL lisabizwa ngeRed Star. Layinqoba ngo-1991.

NoKyle Walker uhambe emazwini omqeqeshi wakhe eveza ukuthi bakubheke ngabomvu ukuvikela isicoco sabo.

ICity izodlala umdlalo wokuqala kwi-UCL ngaphandle kukaJohn Stones, Jack Grealish noMateo Kovacic.