Obengumqeqeshi weWydad Athletic Club uRulani Mokwena uthi ngeke azithele ngabandayo uma engathola ithuba lokubuyela kwi-Orlando Pirates ngesizini ezayo.
URulani uthungatha umsebenzi omusha ngemuva kokuhlukana neWydad ekupheleni kwesizini edlule. Kugcine kuvela ukuthi leli qembu lizame ukumgcina ngokumnikeza isikhundla sikasomaqhinga, kodwa uRulani wanqaba ngoba esazimisele ngokuqhubeka nokuqeqesha.
Njengamanjwe umataniswa namaqembu aseNorth Africa okubalwa kuwo iZamalek nePyramids FC. Kuleli kunabalandeli beDowns abafisa abuye, ngakolunye uhlangothi uphinde amataniswe nomsebenzi ovele kwi-Orlando Pirates ngemuva kokushiya kukaJose Riveiro. Ebuzwa ngeBucs, uMokwena uthe ngeke angakudlela amathambo engqondo uma kungavela ithuba lokusebenza kuyo.
“Yinto engingacabangela phezu kwayo. Sikhuluma ngeqembu elikhulu elinabantu abasondelene nenhliziyo yami, umuntu engizwana naye kakhulu uDr Khoza, futhi uyohlale enendawo ekhethekile enhlizweni yami,” kusho uMokwena engxoxweni neSoccer Africa.
“Sengifunde kubaholi abathathu abahamba phambili e-Africa. UDr Khoza usesicongweni. UPatrice Motsepe angizikholwa izinto angifunde zona kwiMamelodi Sundowns, bese kuba wuHicham Ait Menna. Bekumnandi ukusebenzisana nomengameli weWydad”