I-agent kaSipho Mbule (27) isikuqinisekisile ukuthi bazama ‘ukumdayisela’ iKaizer Chiefs. UMbule Uthungatha iqembu ngemuva kokulaxazwa yiMamelodi Sundowns.

UMbule ayivuselelwanga inkontileka yakhe kwiDowns ngemuva kokudedelwa yiSekhukhune United ekhale ngokuziphatha kwakhe.

Ekhuluma ngalo mdlali uMike Makaab uphumele obala ngokuzama ukumdayisela iChiefs.

“Ngicela ukucacisa nje ukuthi uSipho Mbule simbeke ezithebeni zeKaizer Chiefs. Isinqumo sizothathwa yiqembu ngaye, futhi kuzofanele sisihloniphe,” kuchaza uMakaab.

“IKaizer Chiefs yiqembu elinendlela yokwenza izinto, ngakho ke kufanele siyinikeze isikhathi, izothatha isinqumo esizosiza iqembu.”

UMakaab uqhube waveeza ukuthi ekugcineni umsebenzi wakhe wukumela abadlali bakhe naye, okusho ukuthi akwenzayo ngeke kugculise wonke umuntu. Ukusho lokhu ephendula umbuzo wokuthi kungani bengamzameli kwamanye amaqembu agijima kwiPSL naseNorth Africa.

Nabanye abalandeli beChiefs bazwakalise ukungenami ezinkundleni zokuxhumana ngenkulumo kaMakaab bethi kwakufanele asayine kwiChiefs kwasekuqaleni ngesikhathi esuka kwiSuperSport United kodwa bajaha ibhodwe eliconsayo kwiMamelodi Sundowns.

Abanye bathi sebekhathele abadlali ‘bamahhala’.

Ngaphandle kukaMbule, abadlali abadedelwe yi-Orlando Pirates uPaseka Mako noThabiso Monyane bobabili bakhonjwa kwiChiefs.