Kubikwa ukuthi umqeqeshi waseNingizimu Afrika uRulani Mokwena usengene ohlwini lwabaqeqeshi abangase baqashwe yiPyramids FC uma kwenzekani kushiya umqeqeshi wayo uKrunoslav Jurčić ophumele obala ngokuhlala ngesinqe esisodwa kuleli qembu ngemuva kokunqoba iCAF Champions League.
Okwamanje uKrunoslav akakanqumi ngekusasa lakhe njengoba ethe usazohlala phansi nabaphathi beqembu abekwe ukuthi bathini ngezinhlelo zokuqinisa iqembu. Lo mqeqeshi uzwakalise okomuntu okungamphathi kahle ukuthi empeleni uqeqesha iqembu elikhulu ngokwemali kuphela e-Egypt ngoba ngokomlando lincane (lisungulwe ngo-2008), futhi alinalo abalandeli abatheni.
Kungenzeka ukuthi inkulumo yakhe ngeqembu nayo izomdalela amazinyo abushelelezi kubaphathi beqembu abaseMiddle East.
Ngokombiko kaMicky Jnr obika ngezindaba ezithinta amaqembu eCAF, iPyramids isixhumene ne-agent kaMokwena.
Uthi abaphathi beqembu abagculisekile ngomsebenzi kaKrunoslav noma enqobe iChampions League. Ngaphandle kwePyramids kubikwa ukuthi neZamalek iyaxoxisana noMokwena ngokunjalo noPitso Mosimane.