Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokoena, ohambe esekhala nangomoya onamandla obuseMoses Mabhida ngemuva kokudliwa kowamanqamu weMTN8, unxenxe abadlali bakhe ukuthi badlulise ukuphoxeka ngoba ziningi izinkomishi abazodlalela ukuzinqoba kulesizini.

ISundowns ihlulwe yi-Orlando Porates ngo 3-1 sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni wamanqamu weMTN 8 obubanjelwe eMoses Mabhida ngoMgqibelo kade zibambene ngo 0-0.

Unozinti weBucs uSipho Chaine uvimbe amaphenathi kaBongani Zungu, Junior Mendieta noTebogo Mokoena.

URulani uthi ukuhlasela komoya onamandla yikhona okuphazamise lomdlalo kodwa angeke abasole abadlali bakhe.

“Isimo sezulu besingesihle, ngisho nenkundla ibingekho esimeni. Utshani bebusinda, ibhola lihamba kancane yize bezamile ukuchelela. 

Angeke ngikhalaze kakhulu ngesimo sezulu ngoba asiwinanga. Asikubeke eceleni okunye, sikhulume ngebhola. Sikwenzile okusemandleni ethu, sidlale kahle.

Okungijabulisile ukuthi sikwazile ukukhanda amathuba okushaya amagoli be engekho abadlali abafana noThapelo Morena, Lucas (Ribeiro), okungabadlali ababalulekile. Abadlali badlale kahle, Ngiyaziqhenya ngabo,” kubeka lomqeqeshi ekhuluma nabeSuperSport TV.

URulani uveze ukuthi kunabanye abadlali abasetshenziswe kulomdlalo ekubeni bengekho esimeni sezempilo esifanele.

“Ithimba lodokotela lizame okusemandleni lizama ukubuyisa uRibeiro kodwa akuvumanga. Bazamile nakuPeter, ogcine elimele emdlalweni. Angifuni ukunaka okuseceleni, ngiyaziqhenya ngabadlali bami. 

Leliqembu lizama konke ukuze lizonqoba. SiyiSundowns, sizovuka sizithintithe. 

“Sibaphoxile abalandeli kanye neqembu. Siyaxolisa kakhulu, sizodlulela phambili, akusekho ukuzidabukela.  Zisekhona ezinye izinkomishi, sizovuka sizithintithe,” kusho lomqeqeshi.