Umqeqeshi wePolokwane City uLehlogonolo Seema uthi kuyamjabulisa ukubona iqembu lihleli endaweni ehloniphekile kwiligi kodwa usafuna balungise kwezinye izindawo.
IRise and Shine ihleli endaweni yesihlanu ngemuva kwemidlalo engu-9. Leliqembu seliqoqe amaphuzu angu-14, lahlulwa kathathu kwiDSTV Premiership.
USeema ubona kunemehluko omkhulu owenzeka sebebuye kwikhefu leFIFA ngenyanga eyedlule. ICity yahlaba ikhefu idonsa kanzima kunombolo 14.
Lomqeqeshi ukhulume nabezindaba ngemuva komdlalo weDSTV Premiership nomkhaya iSekhukhune United owaphela ngo 0-0 ngeSonto ePeter Mokaba Stadium.
“Silungiselela umdlalo ngamunye ngoba imiphumela ibuye ididise. Iligi isanda kuqala, kuyenzeka ukhuphuke kakhulu kwiligi uma uwine imidlalo emibili. Sihlela ukubhekana nomdlalo owodwa ngesikhathi.
Indawo esihleli kuyo isinikeza ithuba lokuphefumula. Ngokudlule kwayiwa ekhefini sihleli engcupheni kunombolo 14. Kuyabonakala ukuthi sesidlala kangcono,” kuchaza lomqeqeshi obekhuluma nabeSuperSport TV ngemuva komdlalo.
IRise and Shine isikwazi ukubamba amaqembu anesipiliyoni kwiligi okubalwa kuwo iCape Town City neRichards Bay.
“Abanye abantu bathi sisefomini kodwa ngibona libalulekile lelikhefu ngoba kukhona abadlali abalimele. Ikhefu lisinikeza isikhathi sokuphumula, sizame ukubuyisa nabadlali abalimele. Ikhefu elifana naleli lizosiza abadlali balulame,” kubeka lomdlali.
USeema ukholwa ukuthi ukusayiniswa kwabadlali abanesipiliyoni okukhona kubo uGiven Mashikinya noNdumiso Mabena, kuzolisiza kakhulu iqembu.
“Abadlali abanesipiliyoni bayasiza kakhulu, bayazikhandla. Nabanye abadlali bazojwayela, esilidlalayo lizoshintsha,” kusho uSeema.