Amaqembu eDStv Premiership azothola kusasa ukuthi azobhekana naliphi iqembu kwi-round yokuqala yeCarling Black Label Cup.

Lo mqhudelwano uzokwethulwa ngokusemthethweni kusasa ngo-1 ntambama kuSuperSport PSL (DStv), lapho okuzokhonjiswa khona idraw bukhoma.

Lo mqhudelwano uzovala isikhala seTelkom Knockout eyagcina inqotshwe yiMamelodi Sundowns ngesizini ka-2019/2020 isaphekwa wuPitso Mosimane.

Onke amaqembu azothola uR100 000 ngokudlala kwi-last 16. Amaqembu azofinyelela kuma-semifinal azothola uR2 million, azofinyelelela kowamanqamu azophinde athole omunye uR2 million…okwamanje akukacaci kahle hle ukuthi iqembu elizodla umhlanganiso lizothola malini kodwa ngokwemibiko yamanye amaphephandaba kuvela ukuthi lizophinde ligixabezwe ngomunye R2 million ngaphezulu okusho ukuthi uma isiphelele liyobe lidle uR6.1 million.

IPirates, enqobe isicoco seMTN8 ngeSonto eMoses Mabhida yagcina ukudla lo mqhudelwano ngesizini ka-2011/2-12 isaqeqeshwa wuJulio Cesar Leal, kanti iChiefs yona yawugcina ngesizini ka-2010/2011 kusekhona uVladimir Vermezovic.

Irekhodi lamaqembu kulo mqhudelwano:

🏆x 13 – Kaizer Chiefs

🏆x 4 – Mamelodi Sundowns

🏆x 3 – Bidvest Wits

🏆x 2 – Ajax Cape Town

🏆x 2 – Jomo Cosmos

🏆x 2 – Platinum Stars

🏆x 2 – Umtata Bush Bucks