Umqeqeshi omusha weWydad Athletic Club uRulani Mokwena ucashe ngesithupha ebuzwa ngabadlali baseNingizimu Afrika okungenzeka afune bamjoyine eMorocco.

URulani wethulwe yiWydad ngokusemthethweni emcimbini obubanjelwe eComplexe Mohamed Benjelloun ngoLwesine 

Lomqeqeshi usayine inkontileka yeminyaka emithathu kuleliqembu alijoyine ngemuva kokushiya kwiMamelodi Sundowns.

Ebuzwa ngabadlali bakuPSL okumgenzeka abafune eMorocco, uRulani uthi ubengakakhulumi nezikhulu zeqembu mayelana nabadlali.

“Besingakakhulumi ngabadlali kodwa sizoqala izingxoxo kungekudala. Ngibonile ukuthi iqembu alishintshile kakhulu ngoba basekhona abadlali ebengijwayele ukubabona emidlalweni yeWydad ngesizini edlule. Kukhona abadlali abangasekho engibakhumbulayo kumasizini amabili adlule. 

“Ngibabonile abadlali beqembu kwi-AFL. Ngangiqeqesha iSundowns ngesikhathi iWydad isikhipha kuma-semifinals eChampions League. Ngizozama ukuhlanganisa ngabadlali abasele. Isikwati engisihlolile ngisiqhathanise nesomdlalo we-AFL,” kuchaza uRulani. 

URulani uthi isikwati seWydad sigcwele abadlali abasezingeni yize kukhona asebedayisiwe.

“Kunabadlali engingababonanga ngesikhathi ngihlangana nabadlali. Ngibakhumbula kowamanqamu we-AFL. UJabrane akasekho kodwa basekhona abadlali ababalulekile njengo-El Motie (Yousef), Harkass (Jamal) noBouhra (Saifeddine). 

“Ngiyazi usehambile u-Attiat-Allah (Yahia) kanti nokushiya kukaJabrane kuzovula isikhala esikhulu. Kodwa iqembu lizoqina noma kunjalo. Sizozama okusemandleni ukuze sizoqinisekisa ukuthi iqembu liyaqina. Ngizodinga isikhathi, ukubekezelelwa nokwesekwa ukuze ngizokwenza izinguquko. 

“Izikhulu zilambele ukunqoba, zibuyisele iqembu endaweni elifanelwe ukuhlala kuyo. Kuzoba wumqansa ukunqoba kodwa kuyinto esingayenza,” kubeka uRulani.

IWydad yagcina ukuqukula isicoco seligi ngonyaka ka-2021. Leliqembu liqede endaweni yesihlanu kwiBotola Pro League ngesizini edlule, laziphuthisela ngendawo emiqhudelwaneni yeCAF.