I-Argentina ithathe isicoco se-Copa America okwesibili kulandelana ishaya iColombia ngo 1-0 kowamanqamu ezintatha ngoMsombuluko. Ngokwenza lokhu, ifice irekhodi elabekwa yi-Spain ngesikhathi inqoba izindebe ezinkulu ezintathu zilandelana (Euro 2008, World Cup 2010 ne-Euro 2012).

I-Argentina inqobe kwi-extra time ngegoli lika Lautaro Martinez. U-Martinez ugcine ekore amagoli amaningi kunabo bonke kulo mcintiswano, wathola i-golden boot. Le ndebe isho lukhulu kubalandeli be-Argentina ngoba kubonakala sengathi bekungumncintiswano wokugcina omkhulu obudlalwa ukapteni wabo u-Lionel Messi, nabakholelwa ekuthenini uyena mdlali oqavile emlandweni webhola wonke. 

ISpain nayo iqophe umlando iqukula i-Euro okwesi-4, into engakaze yenziwe elinye izwe. Okwe-La Roja kwehlukile ngoba bebenganaye umdlali okungathiwa bathembele kuye, kodwa abadlali abasebancane bazivezile ukuthi sebekulungele ukubhekana nezinsephe ngoba abagcinanga kuphela ngokuwina i-Euro, kodwa badlale ibhola elibukekayo kusuka emdlalweni wabo wokuqala, kwaze kwayofika kowamanqamu. Iziphekepheke ezidlala emaphikweni u-Nico Williams beno-Lamine Yamal aziwanikanga nhlobo ithuba lokuphumula ama-defender, kanti o-Dani Olmo no-Rodri bebezibambe zaqina esiswini. 

Ukunqoba kwala maqembu i-Copa America kanye ne-Euro kusho ukuthi azobhekana kwi-Finalissima, okuyindebe la kubhekana khona ompetha bamazwe ase-Europe kanye nompetha base-America.

Lo mdlalo abaningi bawuthakasela kakhulu ngoba kuzobe kubhekene u-Messi kanye no-Yamal, abakholwa ukuthi uyena ongafika ezingeni lika-Messi nabamuqhathanisa naye kakhulu ngenxa yokufana kwendlela yakhe yokudlala kanye neka-Messi ebusheni bakhe, edlala ohlangothini lwesokudla ekhahlela ngonyawo lwesinxele. Lo mdlalo uzodlalwa ngonyaka ozayo.