USihlalo weTS Galaxy uTim Sukazi uthi izoqina iKaizer Chiefs njengoba eyidayisele unozinti obeyisethenjwa uFiacre Ntwari.
UNtwari (24) oyisethenjwa eqenjini lesizwe laseRwanda, uzojoyina ikhempu yeGlamour Boys ebanjelwe eTurkey uma esegxiviziwe amaphepha e-visa awagcwalisa ngoLwesihlanu.
Lonozinti ubesahlale isizini eyodwa kwiRockets kwazise ubeyijoyine ngonyaka odlule. Ingosi yezemidlalo iTransfer Market ibike ukuthi iChiefs ikhokhe imali elinganiselwa ku-R4,3 million ithenga uNtwari odlale imidlalo engu-24 ngesizini edlule.
Engxongxweni nabeSABC Sport, uSukazi uthe ukudayisa unozinti kuyisinqumo esilungele womabili amaqembu kanye nomdlali.
“Izingxoxo zithathe isikhathi eside, alikho ebelifuna ukugoba uphondo. IChiefs ibeke obala izinhlelo zayo ngomdlali. Nathi besingathanda ukumgcina umdlali kodwa sinendlela yokusebenza esiphoqayo,” kusho uSukazi.
UNtwari ungumdlali wesithathu ofulathelayo eMpumalanga kwazise uLehlogonolo Mojela udayiselwe iStellenbosch, uPogiso Sanoka wajoyina iSuperSport United.
IGalaxy idayise abadlali abayisikhombisa ekuqaleni kwesizini ka-2023/24 kodwa yaqeda endaweni yesithupha kwiDStv Premiership.
USukazi uthi akumthusi ukulahlekelwa abadlali ngoba iqembu likwazile ukuqhubekela phambili ngesizini edlule yize lidayise inqwaba yabadlali.
“Sibadayisile abadlali phambilini, sizoqala phansi siqinise iqembu lapho lishoda khona. Ngikholwa ukuthi ibhola laseNingizimu Afrika liyazuza uma iKaizer Chiefs isezingeni eliphezulu. UNtwari uzolitakula iqembu. Akufanele iChiefs ibe ntekenteke,” kubeka uSukazi.
UNtwari uphuce uVasilije Kolak ijezi ngemuva kokushaya into ecokeme emdlalweni weCarling Knockout Cup bekhipha iMamelodi Sundowns sekukhahlelwa amaphenathi.
UNtwari uzomenyezelwa kanye noBongani Sam kubadlali asebesayine eNaturena.