Owangukapteni weManchester United uRoy Keane uthi indlela u-Erling Haaland adlala ngayo uma engavaleli ibhola enethini imkhumbuza abagadli abagijima ku-League Two.

UHaaland akabanga nomdlalo omuhle izolo ngesikhathi iManchester City ibambana ne-Arsenal ekhaya. Izitobha ze-Arsenal uWilliam Saliba noGabriel Magalhães bezingamnike thuba kulo mdlalo, enganamnyakazo.

“Indlela yakhe yokudlala ibhola iyabheda, ubebheda namhlanje. Uma ebamba ibhola, edlalisa abanye futhi esebenzisa ikhanda angikungabazi ubahlula bonke abanye, kodwa nje indlela adlala ngayo ibhola kumele ithuthuke, ungikhumbuza umdlali kaLeague Two.

UHaaland ugeje amathuba amabili amahle okungcwaba i-Arsenal izolo kodwa usevalele amagoli awu-18 kwiPremier League kule sizini. Okuzokhathaza uPep nokho wukuthi lo mdlali unamagoli awu-4 kuphela emdlalweni ewu-11 edlule.

Ngaphambi kwekhefu leFIFA uHaaland uke wakhalaza ngokukhathala wathi kuyalehlisa izinga lokudlala nezinga lebhola elibukwa abalandeli. Unxuse ukuthi ifakelwe izibuke indaba yokwanda kwesibalo semidlalo abayidlalayo onyakeni.