Ukungenami kukaKylian Mbappe ngesikhathi ekhishwa emdlalweni wabo ne-Olympique de Marseille kucasule umqeqeshi wePSG uLuis Enrique.
UMbappe, okulindeleke ukuthi ajoyine iReal Madrid uma kuphela isizini, ukhombisa ukungenami ekhishwa ngomzuzu ka-64 emdlalweni abagcine bewunqobe ngo 2-0.
Ebuzwa ngalesi sigameko ebesingaqali ukwenzeka kule sizini, u-Enrique uphendule kanje:
“Sekuhlale kusuka umsindo owodwa njalo, sekuqala ukungicoba. Imina umqeqeshi, imina othatha izinqumo, nsuku zonke.
“Ngizoqhubeka ngenze umsebenzi wami kanje kuze kufike usuku lwami lokugcina eParis. Konke engikwenzayo ngikwenza ngoba ngicabangela iqembu, kwesinye isikhathi ngizokwenza iphutha, kodwa umsebenzi wami lowo.
“Anginendaba uma kukhona abangavumelani nezinqumo zami.”
UMbappe usevalele amagoli awu-24 emdlalweni ewu-25 kwiFrench Ligue 1 kule sizini.