Umqeqeshi weManchester City uPep Guardiloa uthi asenciphile amathuba okuthi bavikele isicoco sePremier League kulandela ukubambana ne-Arsenal ngo 0-0 e-Etihad Stadiun ngeSonto ntambama.
EzikaPep zihluleke zancama kugqobhoza udonga lwe-Arsenal olubukeka luqine kakhulu uma kuqhathaniswa nesizini edlule. Sebesele ngamaphuzu amathathu kwiLiverpool ekunombolo 1.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uPep uthe maningi amathuba okuthi iLiverpool inqobe iligi.
“Abanye abasethubeni yi-Arsenal esendaweni yesibili. Thina singabesithathu, akusekho ezandleni zethu. Esingakwenza manje ukucabanga nge-Aston Villa. Ngesikhathi sisaqhwakele besisendaweni enhle, manje, akusahambi kahle.”
UMikela Arteta uncome abadlali bakhe ngokukwazi ukuqhudelana neqembu alibona lisawadlula onke emhlabeni.
“Inselelo esihlalele wukubafica, sidlale kangcono kunabo. Besifuna ukuwonqoba lo mdlalo, silungiselele ukuwunqoba kodwa uma unganqobeki kumele uqinisekise ukuthi ubuya nephuzu, okuyinto esiyenzile,” usho kanje.
I-Arsenal izobhekana neLuton Town ngoLwesithathu, iMan City izodlala ne-Aston Villa.