Owayengumgadli weManchester United ne-Everton uWayne Rooney uthi umdlali omusha weLiverpool u-Alexander Isak udinga ibhentshi ngoba ayikho lento ayidlalayo njengamanje.

U-Isak akanagoli emdlalweni eyisithupha kwiLiverpool (emine kwiPremier League, nemibili kwi-UEFA Champions League), osekuholele ekutheni abahlaziyi babuze imibuzo ngokuthi kungani engakangeni egiyeni eMerseyside.

Ekhuluma kwipodcast yakhe uRooney uthi yena ngabe usamkhuhlisa ibhentshi lo mdlali ngenxa yesizathu esisodwa.

“Ngabe angikaqali ukudlalisa u-Isak. Uma ngimbuka nje ubukeka engakakulungeli ukudlala selokhu efikile esuka kwiNewcastle,” kusho uRooney ngemuva kokubuka ezakhe ziginqa iLiverpool ngo 2-1 e-Anfield.

“Akakaziqeqeshi kahle, ubengekho belungiselela isizini entsha. Ibalulekile. Ngesikhathi beziqeqesha abadlali beNewcastle wayehlezi ekhaya yena exoxa ne-agent yakhe amahora ayisithupha ngosuku bezama ukuthola iqembu azolijoyina.

“Kuba nzima uma ungaziqeqeshanga neqembu ngaphambi kokuqala kwesizini. Uma ngibuka indlela adlala ngayo nje akufanele ngabe uqala umdlalo phambi kuka-Ekitike.”