Umqeqeshi obambile kwiKaizer Chiefs owafika kuleli ezodlala indima yokuba yiphini lesibili nokutolikela uNasreddine Nabi uzwakalise okumuntu ongenandaba ngokungabalwa yilo mqeqeshi osexoshiwe ngesikhathi evalelisa kwiKhosi Nation.

UKaze ubambe umqeqeshi wokupheka iChiefs nomunye umqeqeshi obeyiphini likaNabi, uKhalil Ben Youssef. Abalandeli abaningi basola ukuthi laba baqeqeshi bamdayisa uNabi kubaphathi beqembu ukuze bezothola umsebenzi.

Ngesikhathi ebhala incwadi ende evalelisa kuMakhosi uNabi akababalanga bobabili, kodwa wabonga cishe wonke omunye umuntu abesebenza naye.

Ebuzwa ngalokhu uKaze uthe akafuni ukuphawula.

“Ngeke ngisho lutho ngencwadi yakhe,” kusho yena.

“Ngisebenze noNabi amasizini amathathu. Ngifisela okuhle kodwa. Ngamtshela lokho, futhi ngiyethemba uzothola umsebenzi omfanele maduzane. Ngimfisela okuhle kodwa.”

Lo mqeqeshi uqhube wathi ngokubona kwakhe uza kahle umsebenzi abawenza kwiChiefs benoBen Youssef.

“Abadlali bayakholelwa emsebenzini wethu. Siyaziqhenya ngokusebenzela iqembu elifana neKaizer Chiefs. “